Amahubo 139:13-17

Amahubo 139:13-17 CZB24

Ngokuba uzithathile izinso zami, wangembesa esiswini sikamame. Ngifuna ukukudumisa; ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; iyamangalisa imisebenzi yakho; nokuthi umphefumulo wami ukwazi kahle. Impahla yami yayingafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngenziwa ngokumangalisayo ezindaweni eziphansi kakhulu zomhlaba. Amehlo akho angibona kahle, nokho ngingaphelele; futhi encwadini yakho kulotshiwe wonke amalungu ami abunjwa kungekho nelilodwa lawo. Iyigugu kangakanani kimi imicabango yakho, Nkulunkulu! inkulu kangakanani ingqikithi yakho!

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo