Amahubo 138:1-8

Amahubo 138:1-8 CZB24

Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngizakuhlabelela. Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho. Ngosuku engamemeza ngalo, wangiphendula, wangiqinisa ngamandla emphefumulweni wami. Onke amakhosi omhlaba ayakukudumisa, Jehova, lapho ezwa amazwi omlomo wakho. Yebo, bayohlabelela ngezindlela zikaJehova, ngoba inkulu inkazimulo kaJehova. Lanxa uJehova ephakeme, uyababona abathobekileyo, kodwa abazigqajayo uyabazi ekhatshana. Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa. UJehova uyakugcwalisa okuqondene nami: umusa wakho, Jehova, umi phakade; ungayishiyi imisebenzi yezandla Zakho.