AmaHubo 138:1-8
AmaHubo 138:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyokubonga ngenhliziyo yami yonke, ngikuhubele phambi konkulunkulu. Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho. Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla. Wonke amakhosi omhlaba mawakubonge, Simakade, ngokuba ezwile amazwi omlomo wakho. Mawahlabelele ngezindlela zikaSimakade, ngokuba inkulu inkazimulo kaSimakade. Nakuba uSimakade ephakeme, uyamnakekela ophansi; ozidlayo umazi ekude. Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise. USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.
AmaHubo 138:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela. Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho. Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami. Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova, lapho ezwile amazwi omlomo wakho. Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova, ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova. Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude. Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise. UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.
AmaHubo 138:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngizakuhlabelela. Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho. Ngosuku engamemeza ngalo, wangiphendula, wangiqinisa ngamandla emphefumulweni wami. Onke amakhosi omhlaba ayakukudumisa, Jehova, lapho ezwa amazwi omlomo wakho. Yebo, bayohlabelela ngezindlela zikaJehova, ngoba inkulu inkazimulo kaJehova. Lanxa uJehova ephakeme, uyababona abathobekileyo, kodwa abazigqajayo uyabazi ekhatshana. Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa. UJehova uyakugcwalisa okuqondene nami: umusa wakho, Jehova, umi phakade; ungayishiyi imisebenzi yezandla Zakho.