AMahubo 138
138
Ukubonga USimakade Ngenhliziyo Yonke
ElikaDavide
1Ngiyokubonga ngenhliziyo yami yonke,
ngikuhubele phambi konkulunkulu.
2Ngiyakukhuleka phambi
kwethempeli lakho elingcwele,
ngibonge iGama lakho,
ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho,
ngokuba phezu kwakho konke,
uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.
3Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula;
waqinisa umoya wami,
ngaba namandla.
4Wonke amakhosi omhlaba mawakubonge, Simakade,
ngokuba ezwile amazwi omlomo wakho.
5Mawahlabelele ngezindlela zikaSimakade,
ngokuba inkulu inkazimulo kaSimakade.
6Nakuba uSimakade ephakeme,
uyamnakekela ophansi;
ozidlayo umazi ekude.
7Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka,
uyongilondoloza,
uyokwelula isandla sakho
ungivikele olakeni lwezitha zami,
esokunene sakho singisindise.
8USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami.
Simakade, umusa wakho umi phakade,
ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.
Okuqokiwe okwamanje:
AMahubo 138: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.