AMahubo 137

137
Ukukhala Kwabathunjwa Ngasemifuleni EBhabhele
1Ngasemifuleni eBhabhele
sahlala khona, sakhala,
lapho sikhumbula iZiyoni.
2Amahabhu ethu
sawaphanyeka eminyezaneni eyayilapho.
3Ngokuba ababesithumbile bacela
ukuba sihlabelele ihubo,
nabahluphi bethu bafuna ukujatshuliswa, bethi:
“Sihlabeleleleni amanye amahubo aseZiyoni.”
4Siyakulihlabelela kanjani ihubo likaSimakade
sikwelinye izwe na?
5Uma ngikhohlwa wena Jerusalema,
isandla sami sokunene
masikhohlwe ubuciko baso.
6Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami,
uma ngingakukhumbuli,
uma ngingaphakamisi iJerusalema
phezu kwentokozo yami enkulu.
7Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema,
ngenxa yabakwa-Edomi, abathi:
“Dilizani, dilizani,
kuze kube sesisekelweni salo.”
8Ndodakazi yaseBhabhele,
wena oyobhujiswa,
ubusisiwe oyophindisela kuwe
ngezenzo zakho owazenza kithina.
9Ubusisiwe obamba izingane zakho
aziphahlaze edwaleni.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 137: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume