Amahubo 138

138
Amahubo 138
Ngifuna ukuKudumisa ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngizakuhlabelela
1Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngizakuhlabelela.
2Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho.
3Ngosuku engamemeza ngalo, wangiphendula, wangiqinisa ngamandla emphefumulweni wami.
4Onke amakhosi omhlaba ayakukudumisa, Jehova, lapho ezwa amazwi omlomo wakho.
5Yebo, bayohlabelela ngezindlela zikaJehova, ngoba inkulu inkazimulo kaJehova.
6Lanxa uJehova ephakeme, uyababona abathobekileyo, kodwa abazigqajayo uyabazi ekhatshana.
7Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa.
8UJehova uyakugcwalisa okuqondene nami: umusa wakho, Jehova, umi phakade; ungayishiyi imisebenzi yezandla Zakho.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 138: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume