Amahubo 119:56-62

Amahubo 119:56-62 CZB24

Lokhu nganginakho, ngokuba ngigcine imiyalo yakho. CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho. Ngakuncenga ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngazikhumbula izindlela zami, ngabuyisela izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angehluleka ukugcina imiyalo yakho. Izixuku zababi zingigezile, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikudumise ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.