AMahubo 119:56-62

AMahubo 119:56-62 ZUL20

Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho. USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina. Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho. Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo.