AmaHubo 119:56-62
AmaHubo 119:56-62 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho. USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina. Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho. Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo.
AmaHubo 119:56-62 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho. UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.
AmaHubo 119:56-62 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lokhu nganginakho, ngokuba ngigcine imiyalo yakho. CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho. Ngakuncenga ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngazikhumbula izindlela zami, ngabuyisela izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angehluleka ukugcina imiyalo yakho. Izixuku zababi zingigezile, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikudumise ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.