Amahubo 119:18-27

Amahubo 119:18-27 CZB24

Vula amehlo ami, ukuze ngibone izimangaliso ezivela emthethweni wakho. Ngiyisihambi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami uphukile ngenxa yokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Ubakhuzile abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa; ngoba ngigcinile ubufakazi bakho. Izikhulu zahlala zakhuluma ngami, kepha inceku yakho yazindla izimiso zakho. Ubufakazi bakho futhi buyintokozo yami nabeluleki bami. IDALETH. Umphefumulo wami unamathele othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngizazisile izindlela zami, wangilalela; ngifundise izimiso zakho. Ngivumele ngiqonde indlela yemiyalo yakho; ngakho ngizakhuluma ngezimangaliso zakho.