Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso ezisemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho. Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho. Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami; inceku yakho izindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, Wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.
Funda AMahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 119:18-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo