Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.
Funda AmaHubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 119:18-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo