MANJE. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile, ngizakugcwalisa, ukuthi ngizagcina izahlulelo zakho ezilungileyo. Ngicindezelwe kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, Jehova, ungifundise izahlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, kepha umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angidukanga emiyalweni yakho. Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza njalo izimiso zakho, kuze kube sekupheleni.
Funda Amahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 119:105-112
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo