Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina. Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni.
Funda AmaHubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 119:105-112
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo