Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:105
Ungalwa Kanjani Nokwesaba
Izinsuku eziwu 4
Ezinkathini ezingaqinisekile, ukucabanga kwethu ukwesaba. Kubonakala ngathi kuyasiduduza lapho siqhubeka nokuhamba kwegcwele ukwesaba, “ikunganjani” yemigwaqo. Njengabalandeli bakaJesu, singakulwa nalokhu. Akudingeki sivumele ukwesaba kunqobe. Loluhlelo lugcwele izeluleko ezisebenzayo njengoba uthatha izinyathelo zokunqoba ukwesaba empini okukhona.
Izinyathelo Zakho Zokuqala
izinsuku ezingu 5
Wenze isinqumo sokulandela uJesu, manje kuzokwenzakalani? Lolu hlelo akulona uhlu oluphelele lwakho konke okuza naleso sinqumo, kodwa luzokusiza ukuthi uthathe izinyathelo zakho zokuqala.
IBhayibheli Labantu Bonke: Indlela Yokuthandazela Ukuhunyushwa KweBhayibheli
izinsuku ezingu 5
Ibhayibheli likuguqule ngaziphi izindlela ukuphila kwakho? Lapho ukuphila kusishaya kanzima, sithola isiqondiso nenduduzo emBhalweni. Kodwa kuthiwani uma iBhayibheli belingekho ngolimi lwakho? Lokho kuyiqiniso kubantu abayisigidi esizinkulungwane namuhla. Joyina lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 lapho ungahlanganyela khona ekufundeni kwakho imiBhalo ngezindlela ezilula nezisebenzayo zokuthandazela abantu ngaphandle kweBhayibheli.
UKhisimusi nje Uhlelo lokufunda lwezinsuku ezinhlanu lwe-YouVersion mayelana Nokubuyisela Ukuthula Kwamaholide ngu-Tama Fortner
izinsuku ezingu 5
Yehlisa ijubane futhi ujabulele isikhathi noMsindisi kule sizini. Khetha ukuma kancane uzindle njengoba kwenza uMariya, uduke esimangalisweni sika-Imanuweli, kaNkulunkulu unathi. Kulo nyaka, makube nguKhisimusi nje.
Inhlakanipho Ngempilo Yengqondo
izinsuku ezingu 5
Uma uzizwa ukhungathekile ngempilo yakho yengqondo, awuwedwa. Izinselelo zempilo yengqondo zingezwakala zinesiphithiphithi. Ngolunye usuku ungase uzizwe uphilile, kodwa bese uvuka ngakusasa uzizwa ukhathazekile, ucindezelekile, noma ukhathele. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 lungakusiza ukuthi uthole ithemba, ukuphulukiswa, nokuthula ngokuhlakanipha okuvela emiBhalweni.
Merry & Bright: Sibungaza uKhisimusi Nsuku Zonke
Izinsuku ezingu-7
Kukhona into ebalulekile ngo Khisimusi eveza okuhle kakhulu kithi sonke. Sivamise ukuba mnene, siphe ngokwevile, sichithe isikhathi nalabo esibathandayo. Kodwa kunganjani uma lokhu kungagcini nje kuphela ngoZibandlela? Kunjani uma singagubha uKhisimusi nsuku zonke?
Umthelela wemiBhalo
Izinsuku ezingu-15
Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.
Okubalulekile Ekuphileni
Izinsuku ezingu 16
Kunezinto ezinhlanu ezibalulekile okufanele ube nazo empilweni ukuze uphile ngempela. Joyina uMfundisi uRick kulolu chungechunge njengoba emba ajule ekutheni kungani udinga amandla ukuze uphile, abantu ozohlala nabo, izimiso okumele uphile ngazo, icebo okufanele uphile ngalo, nenjongo okufanele uphile ngayo.
Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo
Izinsuku ezingu 30
UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.