Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo. Simakade, ngihlupheka kakhulu, ngiphilise ngokwezwi lakho. Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Izikhohlakali zingicuphile, kepha angichezukanga eziyalezweni zakho. Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami. Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni.
Funda AMahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 119:105-112
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo