Amahubo 104:1-15

Amahubo 104:1-15 CZB24

Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi. Okusibekela ngokukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu; obeka phansi imishayo yamakamelo akhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba phezu kwamaphiko omoya; owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya; izinceku zakhe umlilo ovutha amalangabi. Owabeka izisekelo zomhlaba, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade. Walimboza ngesikhukhula samanzi njengesambatho; amanzi ema phezu kwezintaba. Ngaphambi kokusola kwakho abaleka; ngezwi lokuduma kwakho zashesha zasuka. Bakhuphukela ezintabeni; behlela ezigodini endaweni obalungisele yona. Umisile umngcele ukuba bangaweli; hlezi baphenduke bagubuzele umhlaba. Uthuma imithombo ezigodini ezigeleza phakathi kwamagquma. Ziphuzisa zonke izilwane zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu ziyakuhlala kuzo, zihlabelele phakathi kwamagatsha. Unisela izintaba emakamelweni akhe; umhlaba uyasutha ngesithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani, nezitshalo zokusebenzela umuntu, ukuze kuphume ukudla emhlabeni; newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.