AmaHubo 104:1-15
AmaHubo 104:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi, wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu. Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya, wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade. Wawumboza ngolwandle njengengubo, amanzi ema phezu kwezintaba. Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona. Uwamisele umngcele ukuba angaweqi, angabuyi ukuzosibekela umhlaba. Uthumela imithombo ezigodini, yona igijima phakathi kwezintaba. Iphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu zakhe ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha. Uchelela izintaba ngokuvela emakamelweni akhe aphezulu, umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze athole ukudla okuvela emhlabeni, newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
AmaHubo 104:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi; ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu; obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya; owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade. Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba. Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona. Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba. Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba. Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha. Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni, newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
AmaHubo 104:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi. Okusibekela ngokukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu; obeka phansi imishayo yamakamelo akhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba phezu kwamaphiko omoya; owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya; izinceku zakhe umlilo ovutha amalangabi. Owabeka izisekelo zomhlaba, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade. Walimboza ngesikhukhula samanzi njengesambatho; amanzi ema phezu kwezintaba. Ngaphambi kokusola kwakho abaleka; ngezwi lokuduma kwakho zashesha zasuka. Bakhuphukela ezintabeni; behlela ezigodini endaweni obalungisele yona. Umisile umngcele ukuba bangaweli; hlezi baphenduke bagubuzele umhlaba. Uthuma imithombo ezigodini ezigeleza phakathi kwamagquma. Ziphuzisa zonke izilwane zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu ziyakuhlala kuzo, zihlabelele phakathi kwamagatsha. Unisela izintaba emakamelweni akhe; umhlaba uyasutha ngesithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani, nezitshalo zokusebenzela umuntu, ukuze kuphume ukudla emhlabeni; newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.