AmaHubo 104:1-15

AmaHubo 104:1-15 ZUL59

Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi; ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu; obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya; owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade. Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba. Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona. Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba. Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba. Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha. Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni, newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo