AMahubo 104:1-15

AMahubo 104:1-15 ZUL20

Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi, wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu. Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya, wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade. Wawumboza ngolwandle njengengubo, amanzi ema phezu kwezintaba. Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona. Uwamisele umngcele ukuba angaweqi, angabuyi ukuzosibekela umhlaba. Uthumela imithombo ezigodini, yona igijima phakathi kwezintaba. Iphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu zakhe ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha. Uchelela izintaba ngokuvela emakamelweni akhe aphezulu, umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze athole ukudla okuvela emhlabeni, newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo