Amahubo 102:1-13

Amahubo 102:1-13 CZB24

Umkhuleko wosizi lapho ecindezelekile ethulula ukukhononda kwakhe phambi kukaJehova. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ukukhala kwami kufike kuwe. Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku lokuhlupheka kwami; beka indlebe yakho kimi; ngosuku engibiza ngalo, ungiphendule masinyane. Ngokuba izinsuku zami ziyaphela njengomusi, namathambo ami avutha njengeziko. Inhliziyo yami ishayekile, ibunile njengotshani; ngize ngikhohlwe ukudla isinkwa sami. Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele esikhumbeni sami. Nginjengevuba lasogwadule, nginjengesikhova sasogwadule. Ngibhekile nginjengondlunkulu uwedwa ophahleni. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; nabangithukuthelela bafunga ngami. Ngokuba ngidle umlotha njengesinkwa, ngixubanise okuphuzwayo kwami nezinyembezi; Ngenxa yolaka lwakho nentukuthelo yakho, ngokuba wangiphakamisa wangiphonsa phansi. Izinsuku zami zinjengethunzi eliwayo; ngabuna njengotshani. Kepha wena Jehova uyakuba khona kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane. Uzasukuma ube lomusa eZiyoni, ngoba isikhathi sokulithokozisa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.