AmaHubo 102:1-13

AmaHubo 102:1-13 ZUL59

Jehova, yizwa umkhuleko wami; ukukhala kwami makufinyelele kuwe. Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule. Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi; amathambo ashile njengezinkuni. Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami. Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele enyameni yami. Ngiyafana nevuba ehlane, nginjengesikhova kwahlongasibi. Ngiyaqwasha, nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; abahlanya ngami bayangiqalekisa. Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi. Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla. Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani. Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane. Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni; sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo