Izaga zikaSolomoni 6:30-35

Izaga zikaSolomoni 6:30-35 CZB24

Abantu abalideleli isela uma lintshontsha ukuze lisuthise umphefumulo walo, uma lilambile; Kodwa uma etholwa, kufanele abuye kasikhombisa; kumelwe anikeze zonke izinto zendlu yakhe. Kepha ophinga nowesifazane akaqondi; owenza lokhu uchitha umphefumulo wakhe. Uyothola inxeba nehlazo; nesihlamba sakhe asiyikusulwa. Ngokuba isikhwele siyintukuthelo yendoda; ngakho-ke kayikuyekela ngosuku lokuphindisela. Ngeke acabangele ukuhlengwa; futhi ngeke aneliseke, ngisho noma umnika izipho eziningi.