IzAga 6:30-35

IzAga 6:30-35 ZUL59

Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na? Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe. Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe. Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa. Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka; ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela. Ayiyikunaka neze ihlawulo; ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.

Funda IzAga 6