Bonke abahlakaniphileyo benza ngokwazi, kepha isiwula sivula ubuwula baso. Isithunywa esibi siwela ebubini, kodwa isithunywa esithembekileyo siyimpiliso. Ubumpofu nehlazo kowenqaba ukulaywa, kepha ohlonipha ukusolwa uyakudunyiswa. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kodwa kuyisinengiso kuziwula ukusuka ebubini. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyabhubha. Ububi bulandela izoni, kodwa abalungileyo bazathola umvuzo omuhle.
Funda Izaga zikaSolomoni 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Izaga zikaSolomoni 13:16-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo