IzAga 13:16-21

IzAga 13:16-21 ZUL59

Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula. Isithunywa esibi siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso. Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo. Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.

Funda IzAga 13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo