KwabaseFilipi 2:19-30

KwabaseFilipi 2:19-30 CZB24

Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngiduduzeke, lapho sengikwazi okumayelana nani. Ngokuba anginamuntu ofana naye, oyakunakekela ngokwemvelo indaba yenu. Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu. Kepha niyabazi ubufakazi bakhe, ukuthi njengendodana kuyise ukhonzile kanye nami evangelini. Ngakho-ke ngithemba ukumthuma masinyane, nxa sengibonile ukuthi kungihambela njani. Kodwa ngiyethemba eNkosini ukuthi lami ngokwami ngizakuza masinyane. Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami. Ngokuba ubenilangazelela nonke, edabukile, ngokuba nizwile ukuthi ubegula. Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi. Ngakho-ke ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi, nxa senimbona futhi, nithokoze, nomunyu nami nginciphe. Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo. Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo