KwabaseFilipi 2:19-30

KwabaseFilipi 2:19-30 ZUL59

Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho; ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise. Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi; kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane. Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami, lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula. Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi. Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa, ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo