KwabaseFiliphi 2:19-30

KwabaseFiliphi 2:19-30 ZUL20

Kepha ngethembela eNkosini uJesu ukuthi ngizothumela kini uThimothewu ngokushesha, ukuze nami ngigqugquzeleke nxa sengizwe izindaba ezivela kini. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho. Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu. Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli. Ngakho-ke ngiyethemba ukuthi ngizomthumela kungakapholi maseko, uma nje sekwehlukene inhloko nesixhanti maqondana nalokhu engibhekene nakho. Kepha nginethemba eNkosini ukuthi ngizakuza masinyane. Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami. Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula. Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi. Ngakho-ke ngizimisele kakhulu ukuba ngimthumele kini, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, nakimi lunciphe usizi. Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza okupheleleyo, abanjalo-ke nibahloniphe, ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.