Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu; wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe. Manje izindlebe zakho mazilalele, uvule amehlo akho, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwuthandaza manje phambi kwakho, imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli, izinceku zakho, nezono zabantwana bakwa-Israyeli. Singavuma, ukuthi sonile kuwe: mina nendlu kababa sonile. Senze okubi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo, owayala ngakho inceku yakho uMose.
Funda UNehemiya 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 1:4-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo