UNehemiya 1:4-7

UNehemiya 1:4-7 ZUL20

Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho. Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile. Senze ububi kuwe, asaze sayigcina imithetho, izimiso, nemiyalo owakunika uMose, inceku yakho.