UNehemiya 1

1
Nehemiya 1
Amazwi kaNehemiya
1Amazwi kaNehemiya indodana kaHagaliya. Kwathi ngenyanga kaKislewu, ngomnyaka wamashumi amabili, ngisesigodlweni uSusan,
2Kwafika uHanani, omunye wabafowethu, yena namadoda akwaJuda; ngababuza ngabaJuda abakhululiweyo ababesele ekuthunjweni, langeJerusalema.
3Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo.
4Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;
5wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe.
6Manje izindlebe zakho mazilalele, uvule amehlo akho, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwuthandaza manje phambi kwakho, imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli, izinceku zakho, nezono zabantwana bakwa-Israyeli. Singavuma, ukuthi sonile kuwe: mina nendlu kababa sonile.
7Senze okubi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo, owayala ngakho inceku yakho uMose.
8Khumbula izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: Uma neqa, ngiyakunihlakazela ezizweni.
9Kodwa uma niphenduka kimi futhi nigcina imiyalelo yami futhi niyenze; noma babekhona abanye kini abaxoshwa kwaze kwaba sekugcineni kwezulu, nokho ngiyakubabutha lapho, ngibayise endaweni engiyikhethile ukuba ngimise igama lami khona.
10Laba sebeyizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.
11Ngiyakuncenga, Jehova, ukuthi indlebe yakho mayizwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezesaba igama lakho; umusa emehlweni alendoda. Ngoba ngangingumphathizitsha wenkosi.

Okuqokiwe okwamanje:

UNehemiya 1: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume