Kwathi uJesu esevukile ekuseni ngolokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena, ayekhuphe kuye amadimoni ayisikhombisa. Waya wabikela ababe naye, belila bekhala. Kodwa bona sebezwile ukuthi uyaphila lokuthi ubonwe nguye, kabakholwanga. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. Nabo bahamba babikela abanye; Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe.
Funda Marku 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 16:9-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo