Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa. Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala. Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa. Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.
Funda NgokukaMarku 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 16:9-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo