NgokukaMakhu 16:9-14

NgokukaMakhu 16:9-14 ZUL20

UJesu esevukile ekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amadimoni ayisikhombisa. Yena wahamba wayobabikela bonke labo ababehamba noJesu, ababelila, bekhala. Kwathi sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uMariya umbonile, abazange bakholwe. Emveni kwalokho wabonakala engesinye isimo kwababili babo ababehamba beya emzaneni. Nabo bahamba bayobikela abanye; nalabo abakholwanga. Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.

Ama vidiyo ahlobene nalokhu