Marku 14:32-36

Marku 14:32-36 CZB24

Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukumangala nokukhathazeka kakhulu; wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi. Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena.

Funda Marku 14

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 14:32-36