NgokukaMarku 14:32-36
NgokukaMarku 14:32-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Base befika endaweni okuthiwa iGethsemane; wayesethi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kokhuleka.” Wayesethatha uPhethro, uJakobe, noJohane; waqala ukubhocobala nokuba nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Wayeseqhubeka ibangana, wawa phansi, wathandaza ukuba uma kungenzeka, mawedlule lo mzuzu. Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.”
NgokukaMarku 14:32-36 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukumangala nokukhathazeka kakhulu; wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi. Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena.
NgokukaMarku 14:32-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.” Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”
NgokukaMarku 14:32-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)