NgokukaMakhu 14:32-36

NgokukaMakhu 14:32-36 ZUL20

Base befika endaweni okuthiwa iGethsemane; wayesethi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kokhuleka.” Wayesethatha uPhethro, uJakobe, noJohane; waqala ukubhocobala nokuba nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Wayeseqhubeka ibangana, wawa phansi, wathandaza ukuba uma kungenzeka, mawedlule lo mzuzu. Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 14:32-36