Marku 12:13-17

Marku 12:13-17 CZB24

Bathumela kuye abanye babaFarisi nabakaHerode, ukuze bambambe ngamazwi akhe. Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha? Siphe, noma singaphi na? Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Ngiletheleni udenariyo, ngibone. Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari. UJesu waphendula wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye.

Funda Marku 12