NgokukaMarku 12:13-17
NgokukaMarku 12:13-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bathumela kuye abanye babaFarisi nabakaHerode, ukuze bambambe ngamazwi akhe. Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. kuKesari, noma qha? Siphe, noma singaphi na? Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Ngiletheleni udenariyo, ngibone. Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari. UJesu waphendula wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye.
NgokukaMarku 12:13-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abanye babaFarisi nabalandeli bakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?” Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.” Bawuletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKhesari.” UJesu wathi kubo: “Nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye.
NgokukaMarku 12:13-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?” Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.” Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKesari.” UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye.
NgokukaMarku 12:13-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bathumela kuye abanye babaFarisi nabakaHerode, ukuze bambambe ngamazwi akhe. Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha? Siphe, noma singaphi na? Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Ngiletheleni udenariyo, ngibone. Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari. UJesu waphendula wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye.