Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?” Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.” Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKesari.” UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye.
Funda NgokukaMarku 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 12:13-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo