Marku 10:46-52

Marku 10:46-52 CZB24

Bafika eJeriko; kwathi ephuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu oyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni enxiba. Esezwile ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza, nokuthi: Jesu Ndodana kaDavide, ngihawukele! Abaningi bamkhuza ukuba athule, kepha wamemeza kakhulukazi, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele! UJesu wema, wayala ukuba abizwe. Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi; uyakubiza. Yasilahla ingubo yayo, yasukuma, yeza kuJesu. UJesu waphendula, wathi kuye: “Uthanda ukuba ngenzeni kuwe na? Impumputhe yathi kuye: Nkosi, ukuba ngibone. UJesu wathi kuye: “Hamba; ukukholwa kwakho kukusindisile. Yahle yabona, yamlandela uJesu endleleni.

Funda Marku 10