Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni. Kwathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha owayedlula, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Abaningi bamkhuza, bathi makathule, kepha kwaba sengathi bayambhebhezela, wamemeza kakhulu ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!” UJesu wayesema, wathi: “Mbizeni.” Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume, uyakubiza.” Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu. UJesu wathi kuyo: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.” UJesu wathi kuyo: “Hamba, ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yabona khona lapho, yayisimlandela endleleni.
Funda NgokukaMakhu 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 10:46-52
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo