Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni. Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.” Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.” Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu. UJesu washo kuyo, wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.” UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.
Funda NgokukaMarku 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 10:46-52
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo