Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo. Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa. Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo. Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni. Kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; Wozani nibone indawo lapho iNkosi yayilele khona.
Funda Mathewu 28
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 28:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo