NgokukaMathewu 28:1-6

NgokukaMathewu 28:1-6 ZUL59

Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo. Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane. Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo. Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 28:1-6

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo