Mathewu 28:1-6

Mathewu 28:1-6 CZB24

Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo. Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa. Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo. Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni. Kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; Wozani nibone indawo lapho iNkosi yayilele khona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 28:1-6

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo