Mathewu 28:1-10

Mathewu 28:1-10 CZB24

Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo. Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa. Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo. Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni. Kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; Wozani nibone indawo lapho iNkosi yayilele khona. Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile; niyakumbona lapho; bhekani, nginitshelile. Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe. Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye. UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 28:1-10