NgokukaMathewu 28:1-10

NgokukaMathewu 28:1-10 ZUL20

Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba. Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo. Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane. Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo. Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni. Akekho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe. Wozani nibone indawo lapho ebelele khona. Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.” Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe. UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.” Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 28:1-10