Mathewu 26:6-13

Mathewu 26:6-13 CZB24

Kwathi uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko. Kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma wealabhaste wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni. Kodwa abafundi bakhe bekubona bathukuthela, besithi: Ngani lokhu kuchithwa? Ngokuba lawa mafutha abengathengiswa ngemali enkulu, kuphiwe abampofu. UJesu ekwazi wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? ngoba wenzé umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo; kepha mina aninami njalo. Ngokuba ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungcwatshwa kwami. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, kuyakuba-khona nalokhu akwenzileyo lona wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.